Kunoma iyiphi inhlangano enkulu, kungenzeka ukuba abasebenzi bahlangabezane nezinkinga zangasese izikhathi ngezikhathi kanti lokhu kungaba nomthelela omubi ekusebenzeni kwabo kanye nakwimpilonhle jikelele. Loluhlu lwemibuzo ehleliwe luqonde ukuhlaziya ngezidingo zabasebenzi boMnyango wezaManzi I-DWAF nokuthola indlela okungahlangatshezwa ngayo lezi zidingo.
Loluhlu lwemibuzo ehleliwe luyimfihlo. Ukhethwe ngendlela evulelekile nengachemile njengengxenye yokweshumi noma amaphesenti ayishumi kubasebenzi bebonke boMnyango wezaManzi, iDWAF esifundazweni saseNyakatho. Akudingekile ukuthi ufake igama lakho kuloluhlu lwemibuzo ehleliwe.
Esikuphokophelele wukuthola uvo nemicabango yedlanzana labasebenzi boMnyango wezaManzi iDWAF ngezidingo zabo, hhayi ukuthola izinkinga zabantu ngabanye.
Uyacelwa ukuba ufunde ngokucophelela lemibuzo, ufake uphawu ebhokisini elingaphansi kwempendulo oyibone ifanele kakhulu kuwena. Uyacelwa ukuthi uzame ukuphendula yonke imibuzo. Siyabonga ngokubamba kwakho iqhaza kulolucwaningo. Siyethemba ukuthi imiphumela nokuyotholakala kuyoba wusizo kuwe nakozakwenu emsebenzini.
Mingaki iminyaka yakho?
Ungowesilisa noma owesifazane?
Isimo sakho ngokomshado?
Qaphela: " Ukushada" kubandakanya umshado wesintu, isonto kanye nangenkantolo.
Yiluphi ulimi lwakho lwasekhaya?
Yiliphi iqophelo noma isigaba sakho somsebenzi Uyacelwa ukuba wenze uphawu olulodwa?
Unesikhathi esingakanani usebenzela uMnyango wezaManzi i-DWAF?
Yiliphi iqophelo eliphezulu lemfundo ofinyelele kulo?
Uma kuwu-Yebo, uyacelwa ukuba ubhale igama lalesi sikhwama sensiza-mpilo.
Esikhathini samanje, uma wena noma amalunga omndeni wakho ehlangabezana nezinkinga ezinqala, Kungabe ukhona yini umuntu noma usizo kulaba abalandelayo owethula kuye lezi zinkinga?
Akukho muntu; ngiyazixazululela izinkinga zami.
Unaso isifiso sokuhambela umbuthano wezinye zalezi zihloko ezilandelayo Ungafaka uphawu ebhokisini elilodwa noma ngaphezulu lapho uphendula lombuzo?
Ikhono lokuphatha noma ukugcina imali yakho, isabelo semali, imali-mboleko, njalonjalo.
Ukwedluliselwa komunye umnyango, ukudilizwa emsebenzini noma ukuthatha umhlalaphansi.
Isandulela ngculazi/ Ingculazi, uphuzo olunamandla, njalo njalo.
Anginaso isifiso sokuhambela omunye walemibuthano.
Ucabanga ukuthi yikuphi okungaba ngcono phakathi kokwelulekwa ngabasebenzi abangochwepheshe boMnyango wezaManzi iDWAF noma labo beluleki abaqashwe okwesikhashana, abazimele nabazinze emahovisi aseduze nalapho usebenza khona?
Ochwepheshe bokweluleka bakaDWAF noma boMnyango wezaManzi.
Ucabanga ukuthi lokhu kungenza ngcono impilonhle yabantu baseMnyangweni WezaManzi , iDWAF, uma bethola usizo lokwelulekwa ngezinkinga zabo noluyokhokhelwa wuDWAF. (Lokhu kuqondiswe ohlotsheni lokwelulekwa oluqokwe eMbuzweni 12 ngenhla).
Yiluphi ulimi noma izilimi ozikhethayo ukuthi zisetshenziswe lapho welulekwa (Ungafaka uphawu ebhokisini elilodwa noma ngaphezulu ekuphenduleni lombuzo)?
Uma uMnyango wezaManzi, iDWAF unganika usizo lokweluleka umuntu ngasese ngendlela eyimfihlo (ngokusebenzisa lolo hlobo lomeluleki oqokwe nguwe), ungalusebenzisela bani lolusizo?
Amalunga omndeni wakho.
Angeke ngilusebenzise sampela.
Uma uMnyango wezaManzi, uDWAF unikela ngenombolo yocingo etholakala ngazo zonke izikhathi, engafuni ukuthi umuntu adalule igama lakhe, engasetshenziswa ngabantu lapho bezizwa bephatheke kabi khona, lolusizo ungalusebenzisela bani?
Amalunga omndeni wakho.
Angeke ngilusebenzise sampela.
Kuvame kangakanani ukuba uzizwe unenkinga yempilo noma ubuthaka (hhayi isandulela-ngculazi noma ingculazi)?
Kuvame kangakanani ukuba ube nenkinga nomkhwenyana, unkosikazi noma ozwana naye?
Kuvame kangakanani ukuba nezinkinga nezingane zakho?
Kuvame kanganani ukuba ube nezinye izinkinga zomndeni?
Kuvame kangakanani ukuba uzizwe umzimba wakho uphansi udikibele?
Kuvame kangakanani ukuba uzwe unovalo ngokuba nalo noma ukuthola igciwane lesandulela ngculazi noma ingculazi uqobo.
Ungaludinga ulwazi mayelana nesandulela ngculazi/ingculazi noluqondene nesinye salezi zihloko ezilandelayo?
Amakhambi nokwelashwa okutholakalayo ebantwini abanegciwane lesandulela-ngculazi noma ingculazi uqobo.
Ukuphila impilo ephelele uma unegciwane lesandulela-ngculazi noma umphumela wesivivinyo uchaza kanjalo.
Ukuphila neminjunju yokwazi ngomphumela ophawula ukuthi unegciwane lesandulela-ngculazi.
Iminjunju yomphumela ophawula ukuthi unegciwane kulowo ozwana naye, kubangane nasemndenini wakho.
Isithunzi sakho emsebenzini kanye namalungelo akho njengesisebenzi esinegciwane.
Angidinge lwazi kunoma yisiphi kulezi zihloko.
Unovalo ngokuthatha umhlalaphansi?
Kuyenzeka ube novalo ngokudilizwa emsebenzini?
Uyaba nezinkinga zophuzo noma izidakwamizwa eziqondene nawe ngqo noma ilunga lomndeni elisondelene nawe?
Uyaba nezinkinga eziphathelene nomthetho?
Uyaba nezinkinga eziphathelene nezimali noma ezomnotho?
Kungabe wena noma ilunga lomndeni osondelene nalo wake wahlukumezeka esigamekweni sobugebengu obunendluzula?
Kuyenzeka ngesinye isikhathi uzwe igazi liphansi noma ukhathele ngenxa yasemsebenzini ngembangela yokunye kwalokhu okulandelayo (Ungakhetha ibhokisi elilodwa noma ngaphezulu ekuphenduleni lombuzo)?
Uvalo lokwenyuselwa esikhundleni noma ukwesabela isiqiniseko ngekusasa lomsebenzi kulandela uMthetho olawula ngokuqashwa kwabantu ngendlela ehambisana nesibalo ngokobuhlanga ezweni.
Inkokhelo, ukwenyuselwa esikhundleni noma izinkinga ezihambisana nohlelo olusingethe ukuvivinywa emsebenzini.
Uyaphatheka kabi ngokwedluliselwa kwenye indawo (Isibonelo, kuMasipala, eMkhandlwini wezaManzi noma EsiKhungweni sokuSingatha Amanzi)?
Lukhona yini olunye uvo noma umbono ofisa ukuwubeka ngosizo olungase ludingwe ngabasebenzi boMnyango wezaManzi, iDWAF?
Siyabonga ukuba ugcwalise loluhlu lwemibuzo ehleliwe. Ukubamba kwakho iqhaza kubongeka kakhulu!
290 1245 -Ngezikhathi zomsebenzi.
